7 MARCH 2026
ISITATIMENDE ESIBALULEKILE: SINGASHICILELWA NGAPHANDLE KWEMIBANDELA
IPhini likaShansela elibambile eMUT uSolwazi Rushiella Songca, libiza umhlangano wabazali ukuze libazise ngombono walo wokuthi lizoluqhubekisela kanjani phambili uHlelo lweNyuvesi 2026–2030, futhi lenze kanjani ukuthi kube nozinzo esikhungweni
Lesisimemo sithunyelwe ngu: Hlophe@mut.ac.za
IPhini likaShansela kanye noPrincipal obambile e- Mangosuthu University of Technology (MUT), uSolwazi Rushiella Songca, limema abazali namalungu omphakathi waseNyuvesi, kanye nababambiqhaza ababalulekile ukuba babe khona emhlanganweni wokwethulwa ngokusemthethweni koHlelo olusha lwesi lesikhungo, olubizwa nge-IGNITE 2030. LoluHlelo luzoba umhlahlandlela weNyuvesi kusukela ngo2026, kuya 20230. Luzolawula indlela yokusebenza ngalesisikhathi.
Ukwethulwa kwalolu Hlelo kuzokwenzeka kanje:
Usuku: 13 Mashi 2026
Isikhathi: 10h00 – 12h00
Indawo: MUT Student Centre
Lomhlangano uyingqophamlando ebalulekile eNyuvesi njengoba ukhomba ngokusobala okuyikona iNyuvesi ekubeka phambili njengokubalulekile kakhulu kuleminyaka eyisihlanu ezayo. UHlelo i-GNITE 2030 kulindeleke ukuthi lunikeze uhlaka olucacile lokuqinisa umgomo wokufundisa nowocwaningo weNyuvesi, luthuthukise ukukhula kwesikhungo, futhi lukhulise iqaza laso emphakathini.
Lokhu kuhlangana nabazali kuzohlinzeka ngethuba lokuxoxisana ngendlela evulekile, lapho abazali bengabambisana khona neNyuvesi ukuze kuqiniswe ukubumbana kwesikhungo, futhi kwakhiwe umuzwa wokuba nenhloso efanayo njengoba umphakathi waseNyuvesi usebenza ngokubambisana ukuqhubekisela phambili umgomo weMUT.
Lo mhlangano uzophinde unike abazali ithuba lokubhekisisa ukuthi iNyuvesi ibhekephi, futhi uqinisekise ukuzibophezela ngokubambisana ekuqhubekiseleni phambili umgomo nombono we- Mangosuthu University of Technology.
RSVP: Hlophe@mut.ac.za
082 432 1805